Imanwali Yemisebenzi yokuthuthukisa amakhono obuholi (Zoeloe) (EBOEK)

R92,00
Imanwali Yemisebenzi yokuthuthukisa amakhono obuholi (Zoeloe) (EBOEK)
In voorraad
ISBN
9780799389531
Format: EPDF
Publish date: 2018-03-01
Links
Ingabe ukuphekwa kwentsha njengabaholi ekilasini kukuthwalisa izandla ekhanda?  Ungesabi; iManwali Yemisebenzi Yokuthuthukisa Amakhono Obuholi ye-ATKV ilungiselelwe wena ngqo.  Thola ezinye zezibhula-mazolo kanye nemisebenzi (activities) yokusiza abafundi bakwazi kangcono ukuxhumana nabanye, balalele kangcono nokunye okuningi kulesi siqondiso (guide) esilula.
Kunemidlalo eminingana yokukhetha kuyo – noma ngabe unemizuzu emi-5 nje kuphela noma uhhafu wehora wokugcina iqembu lentsha limatasa.  Eminye kule midlalo ungavele uyidlalele kwakhona ekilasini, kanti eminye ngeyokudlalelwa ebaleni lezemidlalo.  Kukhona nohla lwezithombe zebhayisikobho oluzinezinhla zemibuzo (questionnaires) zokuzijwayeza ukuyiqonda indaba.
I-ATKV iyakuqaphela ukuthi othisha bamatasa kakhulu futhi abanaso isikhathi sokucabanga basungule imidlalo.  Ngale Manwali Yemisebenzi Yokuthuthukisa Amakhono Obuholi yeATKV sithanda ukukuqinisa idolo senze nomehluko ekuphileni kwabantu abasha.
Ushicilelo lokuqala lwale Manwali Yemisebenzi Yokuthuthukisa Amakhono Obuholi ye-ATKV lutholakala ngesiBhunu, isiNgisi nangesiZulu futhi lubiza i-R100 kuphela ngalunye.  Ayatholakala namaphakeji ayisipesheli.
Ngenjongo yokuthola ukwaziswa noma ukufaka  i-oda thinta u-Annemarie Alberts e-011 919 9066 noma uthumele i-email e- annemariea@atkv.org.za.

Meer inligting
Publish Date 01 Mrt. 2018
Format EPDF
Skrywer ATKV
Skryf jou eie resensie
Slegs geregistreerde gebruikers kan resensies skryf. teken in of skep 'n rekening